Ngokukamarku 14:52-56 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

52. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

53. Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.

54. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.

55. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.

56. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.

Ngokukamarku 14