50. Bamshiya bonke, babaleka.
51. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba.
52. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.
53. Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.
54. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.
55. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.
56. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.
57. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi:
58. “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ”
59. Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga.
60. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?”