Ngokukamarku 14:48-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

48. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba.

49. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.”

50. Bamshiya bonke, babaleka.

51. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba.

52. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

Ngokukamarku 14