Ngokukamarku 14:46-65 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. Base bembeka izandla, bambamba.

47. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.

48. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba.

49. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.”

50. Bamshiya bonke, babaleka.

51. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba.

52. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

53. Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.

54. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.

55. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.

56. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.

57. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi:

58. “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ”

59. Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga.

60. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?”

61. Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?”

62. Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”

63. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na?

64. Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?”Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.

65. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.

Ngokukamarku 14