44. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.”
45. Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga.
46. Base bembeka izandla, bambamba.
47. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
48. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba.
49. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.”
50. Bamshiya bonke, babaleka.
51. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba.
52. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.
53. Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.
54. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.
55. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.
56. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.