39. Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi.
40. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini.
41. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.
42. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
43. Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga.