Ngokukamarku 14:30-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”

31. Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke.

32. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.”

33. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

34. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”

35. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.

36. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”

37. Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na?

38. Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”

39. Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi.

Ngokukamarku 14