29. UPetru wathi kuye: “Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.”
30. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”
31. Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke.
32. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.”
33. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.
34. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”
35. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.
36. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”