26. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.
27. UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.’
28. Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”
29. UPetru wathi kuye: “Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.”
30. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”
31. Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke.
32. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.”
33. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.
34. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”
35. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.
36. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”
37. Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na?
38. Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”
39. Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi.
40. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini.
41. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.
42. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
43. Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga.
44. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.”