Ngokukamarku 14:19-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?”

20. Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni.

21. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

22. Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”

23. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke.

24. Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.

25. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.”

26. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.

27. UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.’

28. Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”

29. UPetru wathi kuye: “Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.”

30. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”

31. Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke.

32. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.”

33. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

34. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”

35. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.

Ngokukamarku 14