Ngokukamarku 14:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.

2. Ngakho bathi: “Makungabi ngomkhosi, kungaze kube khona isiyaluyalu esizweni.”

3. Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.

4. Kepha kwakukhona abanye abakhuluma bodwa ngokuthukuthela, bethi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na?

5. Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu.

6. Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.

7. Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.

8. Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.

9. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Ngokukamarku 14