3. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,
4. bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”
5. Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.
6. Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi.