Ngokukamarku 13:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,

4. bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”

5. Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.

6. Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi.

Ngokukamarku 13