Ngokukamarku 13:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.

21. Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa.

22. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.

23. Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

24. “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

25. nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.

26. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.

27. Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

28. “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

29. Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

30. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.

Ngokukamarku 13