Ngokukamarku 13:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona -- ofundayo makaqaphele -- khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

15. ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,

16. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

17. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

Ngokukamarku 13