Ngokukamarku 13:13-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

14. “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona -- ofundayo makaqaphele -- khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

15. ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,

16. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

17. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

18. Khulekani ukuba kungabi sebusika.

19. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.

20. Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.

21. Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa.

22. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.

23. Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

24. “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

25. nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.

26. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.

Ngokukamarku 13