Ngokukamarku 12:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka.

5. Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.

6. “Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’

7. “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’

8. Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.

9. “Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.

10. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi:“ ‘Itshe abalinqabayo abakhilona laba yinhloko yegumbi;

11. lona lavela eNkosini;liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?”

12. Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.

Ngokukamarku 12