Ngokukamarku 12:37-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?”Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.

38. Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,

39. nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni,

40. abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

41. Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.

42. Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.*

Ngokukamarku 12