Ngokukamarku 12:36-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’

37. “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?”Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.

38. Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,

39. nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni,

40. abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

41. Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.

42. Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.*

43. Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni,

44. ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.”

Ngokukamarku 12