34. UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza.
35. Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
36. UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’
37. “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?”Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
38. Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,
39. nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni,
40. abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”
41. Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.