Ngokukamarku 12:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze.

4. Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka.

5. Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.

6. “Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’

7. “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’

8. Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.

Ngokukamarku 12