Ngokukamarku 12:27-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.”

28. Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: “Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”

29. UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.

30. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’

31. Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”

32. Umbhali wayesethi kuye: “Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo;

33. futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”

34. UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza.

35. Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?

36. UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’

37. “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?”Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.

38. Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,

39. nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni,

40. abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

41. Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.

Ngokukamarku 12