2. Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini.
3. Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze.
4. Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka.
5. Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.