15. Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”
16. Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”Bathi kuye: “NgokaKesari.”
17. UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”Bamangala ngaye.
18. Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi:
19. “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
20. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo.
21. Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu.
22. Abayisikhombisa kabashiyanga nzalo. Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi.
23. Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?”
24. UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?
25. Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.