14. Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”
15. Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”
16. Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”Bathi kuye: “NgokaKesari.”
17. UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”Bamangala ngaye.
18. Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi:
19. “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
20. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo.
21. Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu.
22. Abayisikhombisa kabashiyanga nzalo. Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi.
23. Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?”
24. UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?
25. Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
26. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na?