1. Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
2. Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini.
3. Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze.