25. Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
26. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”
27. Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga,
28. bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?”
29. Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
30. Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”
31. Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’
32. Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ ” besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela.
33. Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi.”Wayesethi uJesu kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”