Ngokukamarku 11:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”

18. Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.

19. Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.

20. Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni.

21. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”

22. UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.

23. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.

24. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

25. Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.

26. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”

27. Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga,

28. bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?”

29. Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Ngokukamarku 11