14. UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa.
15. Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba;
16. wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha.
17. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”
18. Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.
19. Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.
20. Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni.
21. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”
22. UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.
23. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.
24. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
25. Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
26. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”
27. Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga,