Ngokukamarku 11:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,

2. wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe.

3. Uma umuntu ethi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.’ ”

4. Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula.

5. Abanye kwababemi khona bathi kubo: “Nenzani nilithukulula ithole na?”

6. Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka.

7. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo.

8. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle.

9. Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi:“Hosiyana!Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

10. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide.Hosiyana kweliphezulu!”

11. UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili.

12. Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba.

13. Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.

Ngokukamarku 11