Ngokukamarku 10:5-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo.

6. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.

7. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe;

8. labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.

9. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”

10. Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho.

11. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.

12. Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”

13. Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza.

14. Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

15. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”

16. Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.

17. Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

18. Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.

Ngokukamarku 10