47. Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
48. Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
49. Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.”Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.”
50. Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.
51. UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
52. UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.