40. kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.”
41. Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.
42. UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.
43. Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu,
44. nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yabo bonke.
45. Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
46. Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni.
47. Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
48. Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
49. Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.”Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.”
50. Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.
51. UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
52. UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.