Ngokukamarku 10:39-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. Bathi kuye: “Singakwenza.”UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;

40. kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.”

41. Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.

42. UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.

Ngokukamarku 10