Ngokukamarku 10:31-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”

32. Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi:

33. “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe;

34. bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”

35. Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”

36. Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”

37. Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.”

38. Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?”

39. Bathi kuye: “Singakwenza.”UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;

Ngokukamarku 10