25. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26. Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”
27. UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
28. UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”