23. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”
24. Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26. Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”
27. UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
28. UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”
29. UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli,
30. ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.
31. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”