Ngokukamarku 10:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”

21. UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

22. Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.

23. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”

Ngokukamarku 10