Ngokukamarku 10:2-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.

3. Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”

4. Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”

5. UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo.

6. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.

7. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe;

Ngokukamarku 10