Ngokukamarku 10:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.

2. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.

3. Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”

4. Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”

5. UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo.

6. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.

7. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe;

8. labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.

9. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”

10. Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho.

11. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.

Ngokukamarku 10