39. Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
40. Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”
41. UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
42. Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.
43. Esemyalisisile washesha wammukisa,
44. wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”