36. USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma.
37. Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”
38. Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.”
39. Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
40. Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”
41. UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
42. Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.
43. Esemyalisisile washesha wammukisa,
44. wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
45. Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.