Ngokukamarku 1:29-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.

30. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.

31. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.

32. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.

33. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.

Ngokukamarku 1