29. Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
30. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
31. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
32. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.
33. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.