Ngokukamarku 1:22-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.

23. Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,

24. wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

25. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”

26. Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.

27. Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”

28. Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.

29. Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.

30. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.

31. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.

32. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.

33. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.

Ngokukamarku 1