21. Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.
22. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
23. Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
24. wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”
26. Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
27. Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”
28. Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
29. Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
30. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
31. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
32. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.