Ngokukamarku 1:21-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.

22. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.

23. Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,

24. wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

25. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”

26. Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.

27. Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”

Ngokukamarku 1