17. UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
18. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
19. Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.
20. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21. Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.
22. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
23. Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
24. wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”
26. Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.