16. Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi.
17. UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
18. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
19. Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.
20. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21. Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.
22. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
23. Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
24. wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”
26. Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
27. Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”
28. Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
29. Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
30. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
31. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
32. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.
33. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.
34. Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.
35. Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.