Ngokukamarku 1:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

14. Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,

15. wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

16. Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi.

17. UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”

18. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.

19. Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.

20. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.

21. Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.

22. Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.

Ngokukamarku 1