Ngokukamarku 1:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

12. Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane.

13. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

14. Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,

15. wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

Ngokukamarku 1