5. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.”
6. Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.
7. Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo,
8. ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala.
9. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona.
10. Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.
11. Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.
12. Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
13. Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.”Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.”
14. Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu.Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.”
15. Benze njalo, babahlalisa bonke.
16. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.